Sihlaziya iCape Town Met 2024 – Grade 1 engoMgqibelo
Imali ezowinwa nguR2 million
Amathiphu omjaho ami kanje:
IMIJAHO | ELOKUQALA | LESIBILI | LESITHATHU |
RACE 1
11.55 |
LION RAMPART | COLD SHINE | ROMAN AGENT |
2 | 12 | 8 | |
RACE 2
12.30 |
TALK TO THE MASTER | HANDSOME PRINCE | SICILY |
6 | 19 | 3 | |
RACE 3
13.05 |
GREEN WITH ENVY | CALL TO UNITE | HARAJUKU |
8 | 9 | 11 | |
RACE 4
13.40 |
AT MY COMMAND | QUASIFORSURE | SILVER FALCON |
4 | 6 | 1 | |
RACE 5
14.15 |
WINTER CLOUD | DISTANT WINTER | SIDDELEY |
5 | 2 | 9 | |
RACE 6
14.50 |
DYCE | ISIVUNGUVUNGU | THUNDERSTRUCK |
4 | 9 | 8 | |
RACE 7
15.25 |
PRINCESS CALLA | BEACH BOMB | HAPPY CHANCE |
2 | 11 | 2 | |
RACE 8
16.00 |
READY TO CHARGE | BAVARIAN BEAUTY | WINTER RAINFALL |
14 | 10 | 11 | |
RACE 9
16.45 |
SEE IT AGAIN | PACAYA | MUCHO DINERO |
11 | 3 | 6 | |
RACE 10
17.25 |
ONE WAY TRAFFIC | NEBRAAS | ARAGOSTA |
11 | 13 | 3 | |
RACE 11
18.00 |
PEREGRINE FALCON | SPEED RACER | STAR PERFORMER |
8 | 5 | 9 | |
U-SEE IT AGAIN osezezakhele udumo oluhle kakhulu, uyingane ka Twice Over owayedume ngokudla imihlanganiso emikhulu. Leli hhashi lizobe libhekwe ngabomvu ngoMgqibelo, kulindeleke ukuthi lizimisele kakhulu njengoba lingenzanga kahle kwi-King’s Plate, lizobe lufuna ukujabulisa abalandeli balo. Kuma-odds uyena ohleli phezulu, uzokhokha imali encane ngoba sebemufakele abalandeli bakhe kanti uPiere Strydom enkulumweni yakhe eseGoli uthena sebelinde usuku olukhulu. Wenza kahle kakhulu nasekhaya ungamushiyi ngaphandle kwezokubheja.
U-PACAYA uzobe egitshelwe ngu-Juan-Paul v.d Merwe. Bazophuma esangweni elihle kakhulu lesithathu, elingafani namanye amasango ngoba awugijimi kakhulu, uyalinda kahle wenze izinto ngedlela yakho uma uzogijima ibanga lika 2000m. Egcina ukuyigibela lenkunzi akuhamba kahle kuJaun-Paul kumjaho iCape Mile. Manje useyazi ukuthi kumele amlawule kanjani uPACAYA, onabalandeli bakhe abamethembayo. Ngeke akuvume ukungabi sembangweni uma sekufikwa ekugcineni. Kumele siyigade le nkunzi.
U-MUCHO DINERO osasematheni kubalandeli njengoba eseke waziwinela imijaho kulandelana wavala nge Grade 2 egitshelwe nguGrant van Niekerk omazi ukusuka nokuhlala. Uzophuma esangweni lesithupha. Banethuba elihle kakhulu nehhashi lakhe. Uma uphuma kuleli sango awujahi ukuya phambili ubangisane nabanye. Uyadinga ukuthi simhloniphe kakhulu kulo mjaho, ithuba alitholayo uzolisebenzisa ngoba ziningi izigqwele ezibhekwe ngabalandeli. Okuhle kakhulu ukuthiu kuwina eKenilworth kwibanga elingu 1800m.
U-ROYAL AUSSIE uthanda ukuhlala phambili zisuka abakhombise idlela. Uzobe egitshelwe nguKabelo Matsunyane oqale ukumgibela ngeKing’s Plate wamkhipha isithathu kungalindelwe, ngoba ngisho kuma odds ihhashi lakhe lalikhokha imali enkulu (50/1). Ngemuva kwalo mjaho ubuyise amehlo abantu abaningi yingakho ezobe engomunye wabababhekiwe kakhulu ngoMgqibelo. NoKabelo wazakhela udumo eThekwini ngokuwina HDJ lapho wayengumuntu wesibili omnyama ukuthi adle lowa mhlanganiso elandela uSmanga Khumalo.
U-WITHOUT QUESTION uzobe egitshelwe ngowesifazane wakuleli eyenza kahle kakhulu uRachel A. Venniker, nguye kuphela intombazane egibela amahhashi eMzansi. Leli hhashi azobe ehamba ngalo liyalithanda leli banga. Izigqwele eziningi belihlezi lise-mvakwazo ngaso sonke isikhathi uma ligijima nazo, kanti futhi okunye uRachel uzozimisela kakhulu kwazise nokuthi ihhashi lakhe elabaphathi abamnika imali ngokukhangisa kumabonakude. Ngeke avumele ukwehlulwa engazamanga ngoba lenkunzi yakhe iyalwa kakhulu mayigijima leli banga ungayishiyi ngaphandle mawuthatha ama betting akho kuwona lo mjaho omkhulu.